Sizinze kwenye yezakhiwo zasedolobheni, ezinezindlu ezakhiwe zaba izitezi eseziyikhaya kwabaningi abahola kangcono ngokomnotho. Kodwa amalungu omndeni Felis Domestica asebethande kakhulu ukuhlala kulendawo ngeke kungabazeke ukuthi yibona abaningi ukudlula amalunga eHomo Sapiens. Njengoba lezilwanyana ezinezinzipho ezifihlekayo, ezicishe zihlobane namabhubesi, nezingwe kanye namanye amakati asendle azesabi muntu kulendawo. Ukwanda kwamakati nokuba nezimpilo eziyisishiyagalolunye kukhathaza wonke umuntu kodwa futhi kuletha nensini kwabaningi.
Lamakati asekwenze kwabayindawo yawo ukushaya imithetho futhi akwenza kwaba yindawo yawo. Amakati azingela amagundane asemabhilidi angaphansi kuya kwistezi sesithathu asekhethe ukuzihlalela endaweni yawo, ngenxa yokuvikela udlame. Indawo yompheme isiyindawo yamakati amancane, yayikade isetshenziswa akhethekileyo ngokubaluleka kwawo endaweni ukuthi aziphulule futhi aphumule khona. Amakati obulili besilisa amanye wawo athola inzindawo eazifihlekile ukuphumula alale khona, lapho kungeke kungene elinye ikati, njengendlu yomqaphi. Umdali wawanika isiphiwo lamakati ngamaphimbo angafani, elinye elokubhonga kanti elinye elokubalisa njengekati elijwayelekile, amanye amakati ayaye aphazamiseke ngenxa yalemisindo engajwayelekile.
Abanye babahlali kulendawo abathanda ukuhlanzeka bayacikeka yilezizenzo zama-grey cats(amakati angajwayelekile) uma emosha izinto zawo, ezingcolisa. Oklebe abahlala kulendawo bakholelwa ngokuqina ukuthi kumele axoshwe aphele lamakati. Kodwa amajuba awakaphumeli obala nesinqumo, asalinde ukubona ukuthi amakati azokwenzenjani. Asazi ukuthi ubani ozobizelwa ukuqonda ikati!